Ibhekiswe ku:
Ngqongqoshe Gwede Mantashe
Ngqongqoshe Barbara Creecy
Siyanibingelela boNgqogqoshe, Mantashe kanye no Creecy
RE: Incwadi Evulelekile eya kuNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi neZamandla ezamaHlathi, ezokuDoba nezeMvelo evela kubadobi abadobela ukuziphilisa abasengozini
Singabadobi bendabuko besilisa kanye nabesifazane abavela kulo lonke ugu lwaseNingizimu Afrika, nakuba iningi lethu liphuma eMpumalanga Kapa naseKZN. Abaningana bethu bahlala ogwini lapho u-SHELL efake khona isicelo semvume yokwenza ukuhlolwa okuzamazamisa umhlaba, kodwa abazange baxhumane nhlobo nathi.
Ngqongqoshe uMantashe, sikuzwile emsakazweni saphinde safunda ukuthi utheni ngabamhlophe abasukuma bethi iNingizimu Afrika mayingavumeli ukuhlola okuzamazamisa umhlaba nokuthi singabe sisaqhubeka nokumba uwoyela noma igesi kwizilwandle zethu. Uthi benza izinto eziphambene nentuthuko kanti lokhu kufana nobandlululo nobuphangi. Waphinde wathi bazobhebhethekisa ububha nokuntuleka kwemisebenzi. Nokho, esingathanda ukukubuza ukuthi, ingabe uyazi ukuthi bangaki abadobi bendabuko, nabadobela ukuziphilisa abathembele olwandle ukuze siziphilise?
Nike nakulalela esakusho ngo-2016 ngesikhathi kufika iKomidi elimaqondana nezeMvelo lizosibuza ukuthi siyawufuna yini uMthethosivivinywa wokuHlelwa kweziNdawo zasoLwandle? Ingabe ukhona phakathi kwenu owasithatha ngokusemqoka?
Ngabe nakuzwa yini esakusho ohlelweni oluKhulu lokuHlela uMnotho wasoLwandle lwe-Operation Phakisa oluqhubekayo njengamanje? Ngabe uNgqongqoshe uCreecy ukutshelile ukuthi sathini kuye ngesikhathi sihlangana naye ngoMbasa ka-2021, esiGcawini sikaZwelonke ayesihambele kunye nathi?
Sithanda ukukubuza futhi ukuthi kungani umnyango wakho ungazange uzihluphe ngokuqinisekisa ukuthi i-Impact ne-SHELL baxhumana nathi? Ingabe unendaba encane kangaka ngempilo yezingane zethu kanye nendlela yethu yokuziphilisa? Nobabili wena noNgqongqoshe uCreecy niwushaya indiva umsebenzi wenu wokunakekela thina nemiphakathi yethu lapho ningakuqinisekisi ukuthi kuyaxhunyanwa nathi futhi nalapho ningahloli ukuthi noma yiluphi uhlelo oluhleliwe ngeke ludale umonakalo ezinhlanzini esithembele kuzo ukuze sondle imindeni yethu noma lwandise izivimbelo ekufinyeleleni kwethu olwandle.
Uyazi yini ukuthi izimayini zikaWoyela neGesi aziwadali amathuba emisebenzi emiphakathini ehlwempu, kwizakhamizi ezihlala ezindaweni zasemakhaya okukade zikhishwa inyumbazane isikhathi eside, kungenxa yobuphangi kanye nobandlululo kuphela, kodwa manje nanguhulumeni wethu okuthiwa owentando yeningi, ngokusebenzisa i-Operation Phakisa?
Ngqongqoshe uMantashe, sikwenqaba ngokuphelele ukuchitha kalula kwakho ukumelana ne-SHELL. Eqinisweni, asiphikisani ne-SHELL kuphela, kodwa sithi thina, njengabadobi abaMnyama base-Afrika kanye nabantu baseNingizimu Afrika, SINELUNGELO LOKUTHI CHA EZIMAYINI zanoma yiluphi uhlobo, esifundeni sethu. Siyazi ukuthi i-African Charter yamaLungelo aBantu isinika ilungelo lokuzikhethela indlela yethu yentuthuko nokwenza esikufunayo ngemithombo yethu yemvelo. Lokhu akusho ukuthi amazwe aseNtshonalanga atshela abantu base-Afrika ukuthi benzeni. Njengama-Afrika, sikubonile lokho u-SHELL akwenzile ezimpilweni zabantu baseNigeria naseGhana. Sikhethela izingane zethu ikusasa eliphephile esimweni sezulu, lapho zingeke zibulawe yindlala ngoba sesicekele phansi imvelo yethu.
Eqinisweni, ingabe uyazi ukuthi izinyathelo zethu zomthetho zikhomba WENA, Ngqongqoshe weziMbiwa nezaMandla, njengommangalelwa oyinhloko ecaleni lethu elizoqulwa mhla ziyi-17 kuZibandlela? Sikholelwa ukuthi nobabili wena noNgqongqoshe uCreecy ninomthwalo, njengabaPhathiswa bezilwandle zethu, ugu kanye nezinhlanzi zethu, ukuthi nizivikele. Ukuhlola kokuzamazamisa umhlaba kuzothinta izinhlanzi zethu nezinye izilwane zasolwandle. Ukuqhubeka nokuxhaphaza izilwandle zethu kuzokwandisa ukukhipha kwethu i-khabhoni futhi kufake izwe lethu ebuphofini obukhulu kanye nendlala, kuyilapho abambalwa bezojabulela ingcebo. Sifuna inhlalakahle yabo bonke – hhayi ingcebo yabambalwa! Siyawenqaba umzamo wakho wokwehlukanisa ukuphikiswa okunamandla kwezimayini zikaWoyela neGesi olwandle lethu. Sicela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basukume bazibandakanye emizamweni yethu yokuvikela izilwandle zethu.
Ukugxeka ongoti bezemvelo abamhlophe, kithina, kukhombisa ukuzikhukhumeza nokungafuni ukusilalela thina, singabantu basogwini – abantu basePort St Johns, kuCentane, eDwesa-Cwebe, eXolobeni, nasesifundeni Amathole. Kusiphatha kabi futhi, njengoba kusenza sicabange ukuthi nikholelwa ukuthi asikwazi ukuzicabangela noma ukuzinqumela ukuthi sifisa ukuthi imiphakathi yethu ithuthuke kanjani. Uyasihlambalaza uma uthi lo mshikashika owabo kuphela. Konke lokhu kungumzabalazo wethu. Ulwandle luyiKhaya lethu eliKhulu. Liwumthombo wempilo yonke futhi luyindawo engcwele njengoba luyikhaya lamadlozi ethu amaningi. Sicanukile ukuthi ulokotha nokungabaza izinkolelo zethu nokuzikhethela kwethu. Sicela uhloniphe isiko lethu, izimpilo zethu kanye nendlela yethu yokuziphilisa futhi uvikele ikusasa labo bonke.
Ngokuzithoba
Coastal Links Eastern Cape
Amadiba Crisis Committee (ACC)
Dwesa-Cwebe Communal Prperty Association (CPA)
St. Botyom